Ukusikisela kuzoboniswa ngemva kokuthayipha endaweni yokusesha. Sebenzisa imicibisholo ebheke phezulu naphansi ukuze ubuyekeze. Sebenzisa u-enter ukuze ukhethe. Uma okukhethile kungumusho, lowo musho uzothunyelwa ekusesheni. Uma ukusikisela kuyilinki, ibhrawuza izokuya kulelo khasi.
Inqubomgomo yomphakathi

Okuqukethwe okukhawulelwe

Ekucabangeleni wonke amalungu omphakathi wethu, kunekhonthenti ye-inthanethi esingayivumeli. Lokhu kusebenza nasezincazelweni nasezithombeni ezikokufakwe ku-Airbnb. Leli khasi linikeza isiqondiso sezinqubomgomo zomphakathi we-Airbnb futhi alikuvezi konke okungase kwenzeke.

Ngokuphosta ikhonthenti ku-Airbnb, uyavuma ngokuthi uzohambisana Nenqubomgomo Yekhonthenti.

Kuyilungelo lethu ukukhipha noma iyiphi ikhonthenti, iyonke noma ingxenye yayo, eyephula Inqubomgomo Yekhonthenti. Uma kwenzeka kwephulwa imithetho ngokuphindaphindiwe noma kabi kakhulu, singase futhi sivimbele, simise okwesikhashana, noma sikhiphe i-akhawunti ye-Airbnb ehlobene nako.

Esikuvumelayo

Izithombe zabantu abanqunu nezingathekisa ucansi ezidalulwe kusengaphambili kokufakwe ku-Airbnb: Sivumela izithombe ezithile zabantu abanqunu, ikhonthenti engathekisa ucansi, noma izinto ezibhekisela ocansini endlini efakwe ku-Airbnb uma nje lelo khaya lingeke litholakale kunoma ubani oneminyaka engaphansi kuka-18 futhi uma nje ukuba khona kwazo kudaluliwe encazelweni yalokho okufakwe ku-Airbnb. Kunezimfuneko ezengeziwe zamasevisi noma okokuzithokozisa okufakwe ku-Airbnb okubandakanya izinto zabantu abadala noma ubunqunu.

Izivakashi akufanele zenziwe zizizwe zishaqekile noma zingakhululekile ngenxa yezinto ebezingazilindele ezibukwa abantu abadala phakathi nokubhukha kwe-Airbnb. Isikhungo Solwazi sinikeza iseluleko ngokusungula ikhasi lokufakiwe.

Esingakuvumeli

  • Ikhonthenti eyephula umthetho: Noma iyiphi ikhonthenti eku-inthanethi eyephula Inqubomgomo Yekhonthenti noma Inqubomgomo Yelungelo Lokukopisha.
  • Izinto ezinodlame noma ezinyantisayo ekhayeni, kusevisi noma kokokuzithokozisa: Ababungazi akufanele babonise izithombe ezibonisa ukulinyazwa emzimbeni ezindaweni ezihlanganyelwa nezivakashi ngaphandle uma kungezomlando noma ezesiko. Ukuboniswa kwezinto ezinjalo kumelwe kubhalwe encazelweni yendlu efakiwe.
  • Izinto ezinodlame nezinyantisayo encazelweni yendlu: Ababungazi akufanele bafake izithombe zokulinyazwa emzimbeni encazelweni yezindlu abazifakayo.
  • Ikhonthenti ebonisa ucansi ingcaca ku-Airbnb: Izinto ezibonisa ucansi ingcaca (izithombe noma amavidiyo) azivunyelwe ku-Airbnb. Noma kunjalo, ezinye izithombe ezigigiyela ucansi nezibonisa ucansi ingcaca, ezigigiyelayo, noma ubuciko babantu abanqunu obungezona izithombe noma amavidiyo (ngokwesibonelo: imidwebo, imiklamo, njll.) zivunyelwe ku-Airbnb uma zisetshenziselwa ukubonisa izinto ezihambisana nocansi okungenzeka zikhona ekhaya, kusevisi, noma kokokuzithokozisa.
  • Amazwi akhuluma ngocansi ingcaca: Ababungazi akufanele babonise noma basebenzise amazwi ashiwo ngomlomo noma abhalwe phansi ahloselwe ukuvusa inkanuko yocansi, noma aqukethe noma abhekisela ezenzweni zocansi.

    Udinga usizo?

    Uma ubona noma ubhekana nesenzo esingqubuzana nezinqubomgomo zethu, sicela usitshele.

    Ingabe lesi sihloko sikusizile?

    Izihloko ezihlobene