I-Airbnb izizwa inesibopho esijulile sokusiza umphakathi wayo, okuhlanganisa aBabungazi, izivakashi, ophathina, nabanye abasebenzisa noma abahlangabezana nenkundla namasevisi ethu. Enye indlela esisiza ngayo umphakathi wethu ukuvikela izimpawu zethu zokuhweba nebhrendi. Asifuni umphakathi wethu noma omunye umuntu adideke ngokuthi okuthile kusekelwa, kulawulwa, kumenenjwa noma kugunyazwe yithi. Lezi Ziqondiso zenzelwe ukuvikela ibhrendi yethu nokukusiza ukhulume ngendlela efanele nge-Airbnb.
Lezi Ziqondiso ziyingxenye yeMigomo Yesevisi. Ngokusebenzisa noma yimaphi amasevisi e-Airbnb, uyavumelana nale Mihlahlandlela, Imigomo Yesevisi yethu, nezinye izinqubomgomo zethu.
Izimpawu zokuhweba ze-Airbnb zihlanganisa igama le-Airbnb, ilogo ye-Airbnb, ilogo ye-Bélo, ibheji loMbungazi ovelele, ne-Aircover, kanye nawo wonke amagama, iziqubulo, ama-ayikhoni, amalogo, imidwebo, amadizayini, nezinye izinkomba ezibhekisela ku-Airbnb, izinhlangano ezibambisene nayo, noma amasevisi noma imikhiqizo yayo. Sifake umzamo omkhulu ekuqinisekiseni ukuthi konke esikunikeza kona kusezingeni eliphezulu, futhi amabhrendi ethu amelela leyo mizamo. Yingakho sivikela amabhrendi ethu ngezinga elikhulu ngokubhalisa izimpawu zethu zokuhweba nendlela esihweba ngayo e-US nasemhlabeni jikelele.
AKUFANELE usebenzise ilogo ye-Airbnb, ilogo ye-Bélo nanoma iziphi izimpawu zokuhweba, amalogo, noma ama-ayikhoni we-Airbnb ngaphandle uma unemvume ebhaliwe evela ebhizinisini elifanele noma amaqembu ezomthetho we-Airbnb, Inc. Okuwukuphela kwesizathu sokuthola imvume ukusetshenziswa okunomkhawulo kwelithi “Airbnb” okuchazwe ngokuningiliziwe eNgxenyeni 2 ngezansi.
Ongakwenza
OKUNGAMELWE ukwenze
Izibonelo
Nazo-ke! | Cha... |
Bob’s Best Island Rental | Airbnbike |
Red's Rental Cleaning | I-Sunbnb noma i-Sun Bnb |
Anna’s Island Escape | Uthisha We-BNB |
rentmyskihaus.com | I-Bikebandb noma i-Bikeb&b |
Bike and Stay Rentals | nicebnb.com |
STR Management Co | airmansion |
Ungakhuluma nge-Airbnb (inkampani) noma usebenzise elithi “Airbnb” ukuze uchaze ngokunembile lokho okunikezayo. Uma kunguwe, sicela uhlale unamathela eziqondisweni ezilandelayo:
Ongakweza
OKUNGAMELWE ukwenze
Ongakweza
OKUNGAMELWE ukwenze
Izibonelo
Kunembile: Kuyiqiniso futhi Kucacile | Akunembile: Kuyadida, Kuyadukisa |
SiyiNkampane Yokumenenja Izindlu egxile ezindlini ze-Airbnb | SiyiNkampani Emenenjayo ye-Airbnb |
Sinikeza amasevisi okuhlanza ayiphrofeshinali ezindlini ze-Airbnb | Amasevisi okuhlanza ayiphrofeshinali e-Airbnb |
Amacebiso Ami Okuba Umbungazi We-Airbnb | Uhlelo Lokuqeqesha Lwe-Airbnb |
Ngimagange ukuba uMbungazi we-Airbnb | Indlu yethu siyifaka ku-Airbnb |
Ngifake isicelo somsebenzi ku-Airbnb | Siyifake ku-Airbnb le ndlu enhle |
Iqembu Lezinkundla Zokuxhumana Lababungazi Be-Airbnb | Iqembu Lababungazi Be-Airbnb E-[Idolobha/Izwe] |
Uma ufuna ukukhangisa ngenkampane yakho yokumenenja ukuqasha kwesikhashana, lezi ziqondiso ezingenhla zisebenza nakuwe. Sicela ukhumbule futhi ukuthi ungazibizi ngokuthi “uyiNkampane Emenenjayo Ye-Airbnb,” noma uthi “unobudlelwano obukhethekile” ne-Airbnb okungase kudide abasebenzisi bakholelwe ukuthi ubambisene ne-Airbnb. Ungase usho ukuthi umenenja noma usevisa amakhaya afakwe ku-Airbnb, kodwa i-Airbnb akufanele igqame kuwebhusayithi yakho noma kwezinye izinto zokukhangisa.
Uma unewebhusayithi, kufanele ufake amazwi okuziqhathulula agqamile kuwebhusayithi yakho ngale ndlela, “[igama lenkampani yakho] iyinkampane ezimele futhi ayixhaswa noma ayihlobene ne-Airbnb, Inc. noma izinhlangano ezibambisene nayo”. Uma une-calculator yeholo, ifomu lokuxhumana, nanoma yini enye eqongelela idatha yomsebenzisi kuwebhusayithi yakho, sicela ubonise amazwi okuziqhathulula ngokugqamile ngaphansi kwenkinobho ye-CTA.
Ophathina kumelwe babe nemvume ebhaliwe yokusebenzisa izimpawu zethu zokuhweba. Uma unemvume yokusebenzisa izimpawu zethu zokuhweba, kuyadingeka ukuba uhambisane neziqondiso zakamuva zebhrendi ozinikezwe umuntu oxhumana naye we-Airbnb ongaphendula noma imiphi imibuzo mayelana nalezi ziqondiso noma ezinye ezinezelwe.